Ithemba Elikhulu

48/76

Isahluko 7— Okuyisona Siphephelo Sethu

Abantu bakaNkulunkulu bakhonwa eBhayibhelini njengesiphephelo sabo emandleni akhohlisayo emimoya yobumnyama. USathane usebenzisa bonke ubuqili angase abusebenzise ukuvimbela abantu ukuba bangabi nolwazi IweBhayibheli. Kuzo zonke izimvuselelo zikaNkulunkulu, usebenza ngokukhuthala. Umzabalazo wokugcina wokulwa noKristu nabalandeli baKhe usuzokwenzeka. Okwamanga kuyofana nokwangempela ngendlela yokuthi ngeke kwehlukaniseke ngaphandle kwemiBhalo. IE 75.1

Labo abazama ukulalela imiyalo kaNkulunkulu bazophikiswa, bahlekwe. Ukuze bamelane nalokhu kuvivinywa, kufuneka baqonde intando kaNkulunkulu eyembulwe eZwini laKhe. Bangamnika udumo kuphela ngokusiqonda kahle isimilo saKhe, umbuso waKhe, izinjongo zaKhe, bese besebenzisana nazo. Akukho muntu oyokuma kulempi yokugcina ngaphandle kwalabo abahlomise izingqondo zabo ngamaqiniso eBhayibheli. IE 75.2

Ngaphambi kokubethelwa kwaKhe, uMsindisi wachazela abafundi baKhe ukuthi uzobulawa kodwa aphinde avuke. Izingelosi zazikhona ukugcizelela amazwi aKhe ezingqondweni nasezinhliziyweni. Kodwa amazwi aphuma ezingqondweni zabafundi. Kwathi sekufika ukuvivinywa, ukufa kukaJesu kwashabalalisa amathemba abo sengathi wayengazange abaxwayise ngaphambili. Ngokunjalo, iziprofetho zembula ikusasa phambi kwethu ngokusobala njengoba uKristu alembulwa kubafundi. Kodwa izigidi azikuqondi konke lokhu, sengathi kwakungembulwanga. IE 75.3

Uma uNkulunkulu enika izixwayiso, ufuna wonke umuntu onengqondo aqaphele leso sigijimi. Izahlulelo ezesabekayo maqondana nokukhonza isilo nomfanekiso waso (bheka iSambulo 14:9-11) zifanele ukuholela uwonk’uwonke ukuba bafunde ukuthi luyini uphawu Iwesilo, nokuthi bangagwema kanjani ukulwamukela. 1 Kodwa abantu abaningi abalifuni iqiniso leBhayibheli ngoba lithikameza izifiso zenhliziyo yesono. USathane ubanika lokho abakuthandayo. IE 76.1

Kodwa uNkulunkulu ufuna abantu abazophakamisa iBhayibheli, iBhayibheli lodwa, njengesilinganiso sazo zonke izimfundiso nesisekelo sazo zonke izimvuselelo. Imibono yezifundiswa, izinqumo zesayensi, nezemikhandlu yamasonto, nezwi leningi— makungathathwa nokukodwa kulokhu njengobufakazi bokwesekela noma ukuchitha neyodwa imfundiso. Sidinga ukufuna amazwi athi: “Uthi uJehova.” USathane uholela abantu ukuba babheke kubefundisi, kwizazi ngezenkolo njengabaqondisi babo, esikhundleni sokuziphenyela imiBhalo. Ngokulawula phezu kwalabaholi, uba nomthelela phezu kwezigidi. IE 76.2

Ngesikhathi efika uKristu, abantukazana bamlalela ngentokozo. Kodwa izikhulu zabapristi nabaholi baziceza; abakwamukelanga ubufakazi bokuthi uKristu unguMesiya. Abantu babuza bathi: “Kwenzeka kanjani ukuthi ababusi bethu nababhali abafundile bengakholwa kuJesu?” Abaholi abanjalo baholela isizwe samaJuda ukuba siphike uMsindisi. IE 77.1