Ithemba Elikhulu

38/76

Isahluko 6—Ukuthula Kweqjniso

Nomaphi lapho iZwi likaNkulunkulu lishunyayelwe ngokwethembeka khona, kulandele imiphumela efakazayo ngokuthi livela ezulwini. Onembeza bezoni bayathinteka. Izinhliziyo zazo nezingqondo ziyaguqulwa. Zibona ukulunga kukaNkulunkulu, zikhale zithi: “Ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na?” (amaRoma 7:24). Ngokwembulwa kwesiphambano, izoni ziyabona ukuthi ayikho enye into ngaphandle kokulunga kukaKristu engasusa izono zazo. Ngegazi likaJesu zithethelelwe “izono ezenziwe ngaphambili,” (amaRoma 3:25). IE 61.1

Laba bantu bakholwa, babhabhadiswa baze bavuka ukuze bahambe ebusheni bempilo, ngokukholwa kweNdodana kaNkulunkulu balandele ezinyathelweni zaYo, ukuze babonakalise isimilo saKhe, bazihlambulule njengoba naYe ehlambululekile. Izinto ababekade bezizonda manje bayazithanda, nezinto ababezithanda manje bayazizonda. Abaziphakamisile baba mnene, abaziqhenyayo bajika bathobeka. Izidakwa, zaphila, abanencitho bahlanzeka. AmaKristu ayengazihluphi ngokuhloba kwangaphandle.okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo; kepha ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunulu,” (1 Petru 3:3, 4). IE 61.2

Izimvuselelo zazinxusa abantu abayizoni ngendlela enamandla. Izithelo zazibonakala ngokuthi abantu bangakwenqeni ukuzidela kodwa bathokozele ukuthathwa njengabafanele ukuhlupheka ngenxa kaKristu. Abantu babona inguquko kulabo ababiza igama likaJesu. Yayinjena-ke imiphumela eyayilandela imvuselelo eminyakeni yakudala. IE 62.1

Kodwa izimvuselelo eziningi zanamhlanje zitshengisa okwehluke kakhulu. Kuyiqiniso ukuthi abaningi bathi baguqukile, kubhaliswe abaningi emabandleni. Kodwa imiphumela ayitshengisi ukuthi kukhona ukukhula okulinganayo enkolweni. Umlilo ovuthayo okwesikhashana usheshe ucime. IE 62.2

Izikhathi eziningi izimvuselelo ezidumile zivame ukuvusa amadlingozi, kweneliseke uthando Iwento entsha nethathekisayo. Abazuzeka ngalendlela abanalo uthando lokulalela iqiniso leBhayibheli. Ngaphandle kokuthi inkonzo ibe nokuthile okungejwayelekile, ayithathekisi kubona. IE 62.3

Kuye wonke umuntu oguquke ngempela, ingxoxo enkulu empilweni yakhe kuzokuba ngubudlelwane bakhe noNkulunkulu kanye nezinto zaphakade. Emabandleni odumo anamhlanje.uphi lowo moya wokuzinikela kuNkulunkulu? Abaguqukile abakudeli ukuziphakamisa kanye nothando Iwezwe. Njengoba ngaphambi kokuguquka babengazimisele ukuzidela balandele uJesu othobekile, basenjalo namanje. Umoya wokukhonza sewucishe waphela emabandleni amaningi. IE 62.4