Ithemba Elikhulu

31/76

Ukungafi Kuyotholakala Mhla Kubuya uJesu

Yeka lokho kuphumula okubusisiwe kwabalungilelyo abakhathele! Isikhathi, noma side noma sifishane, sifana nomzuzwana kubona. Balele; bavuswa yicilongo likaNkulunkulu, bavukele ekungafini okunenkazimulo. “Ngokuba icilongo liyakukhala, nabafile bavuswa bengenakikubola...Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba,” (1 Korinte 15:52-54). IE 52.2

Ngesikhathi bevuswa, abafileyo bayoqala ukucabanga lapho babegcine khona. Umuzwa wokugcina kwakuyizinhlungu zokufa; umcabango wokugcina kuwulowo wokunqontshwa amandla engcwaba. Uma sebevuka emathuneni, umcabango wabo wokuqala wenjabulo uyozwakala ngenhlokomo ethi:“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi Iwakho na?” (1 Korinte 15:55). IE 52.3