Ithemba Elikhulu

1/76

Ithemba Elikhulu

Isingeniso

Uma sihlaselwa yizinhlekelele singalindele emakhaya ethu, uma amaphupho ethu empumelelo eshabalala, uma abandiweyo bethu befikelwa ngukugula nokufa, inye into engasisiza ukuthi siphakamise amakhanda ethu siye phambili—ithemba. Ithemba lekusasa elingcono, ikusasa elikhanyayo, usuku Iwenjabulo. Ithemba lokuthi ukuphila kuhlanganisa nezinto esingaziboni nesingazizwa okwamanje. IE 4.1

Lencwadi iwumlando wethemba. Nakuba yabhalwa phansi kwesimo somlando seminyaka yawo 1800 (19th century), i- Themba Elikhulu lisivulela ifastela kuleminyaka yanamuhla yawo 2000 (21 st century). Umlando kaNkulunkuluu oluthando, uNkulunkulu owathatha izinyathelo ukuhlenga nokuvikela abantu bengakabi khona nokuba khona. Ngesikhathi kungena ukuhlupheka nokufa emhlabeni, uNkulunkulu akazange ame, abukele umonakalo. Wembula icebo lokusindisa abantu— okuyicebe elisebenza ngokuphelele namhlanje. IE 4.2

Umlando wabantu ugcwele izindaba zalabo abathi banelungelo lokuchaza nokwenaba ngezimfundiso zeBhayibheli. Ithemba nokuthula sekuke kwahlaziswa izikhathi ngezikhathi ngabantu abathi benza abakwenzayo ngegunya negama likaNkulunkulu. Umhlaba uzithole usebemnyameni ngokungaqondisisi ukuthi ungubani ngempela uNkulunkulu, nokungabaza ukuthi ukhona ngempela. IE 4.3

Kodwa uthando lukaNkulunkulu ngabantu alukaze lufiphale. Phezo kwakho konke osekushiwo ngaYe, nokufundiswe ngabanye abathi bakhulumela Yena, iqiniso ngoNkulunkulu lingatholakala ezwini laKhe—yibo bonke abaliphenya ngezinhliziyo ezivulekile. IE 4.4

Ngabe ufunana neqiniso? Ukuthula? Ithemba? Uzophendukela- phi? Izizwe zibonakala ziphokophelele ezindabeni zempi. Iminotho yomhlaba iyantengantenga. Izinhlekelele zincintisana nendawo esizungezile engcole ngendlela yokuthi ingasibulala nokusibulala, njengoba kuguquka nesimo sezulu ngendlela engalawuleki. Ukuhlakanipha kwabantu kubonakala kungakwazi ukusinika ikusasa eliphephile—noma ithemba lenjabulo. IE 5.1

Kodwa asisele dengwane, ngaphandle kwethemba! Landela izinyathelo zikaNkulunkulu emlandweni wabantu, uzibonele ngalokho anikela ngakho ukuze asisindise. Zitholele amaqiniso ngendlela ongazivikela ngayo enkohlisweni kaSathane. Thola amaqiniso angaguqula impilo yakho namhlanje, akutshengise isithembiso sempilo engenasiphelo. IE 5.2

Elokugcina, bheka phambili ngezithembiso zeBhayibheli, ubuke umlando ongakabhalwa. Njengoba lomhlaba uhlakazeka, zibonele ukuthi isandla sikaNkulunkulu asibambe ngaso, siya siqina. Ikusasa lethu liphephile uma isandla sethu sihlezi kwesaKhe. IE 5.3

Noma ngabe kwenzekani ngalomzuzu ezimpilweni zethu noma emhlabeni osizungezile, singaba neThemba Elikhulu ngalokho okuzokwenzeka kusasa. Vula inhliziyo yakho kuleliThemba Elikhulu oliphiwa nguNkulunkulu namhlanje. IE 5.4

Abashicileli