UKrestu UMsindisi Wetu.

31/32

IZIHLOHO 30—YENA LO JESU.

UMSEBENZI WO Msindisi emhlabeni wa usupelile. Isikati sase sifikile sokuba abuyele ekaya lake elisezulwini. Wa esenqobile, wa esezotata indawo yake ngaku yise esihlalweni sake sokukanya nokukazimula. UUW 177.1

U Jesu waketa intaba yemihlwati ukuba kube indawo ayokupuka ekuyo. Epelekezelwa abayishumi nanye. Wahamba waya entabeni. Kodwa abafundi abazanga ukuti loku kwaku uku xoxa kokugcina bene Nkosi yabo. Besa hamba u Msindisi waba fundisa ebavalelisa. Eseza kubashiya, wenza lesiya setembiso esitandwa yibo bonke abamlandelayo sokuti:— UUW 177.2

Bhekani ngi nani njalo, kuze kube sekupeleni kwezwe. UMateu 28:20. UUW 177.3

Basidhula isiqongo, baya ngase Betane. Bema lapa, abafundi baqoqana ngase Nkosini yabo. Imisebe yokukanya yaba kanyisa ivela ebusweni bake lapa ebabheka ngotando. Amazwi ake okugcina, ayengamazwi, atambe kakulu. UUW 177.4

Wakupuka esuka kubo kancane nezandhla zake zipakanyisiwe ebusisa. Wati ehamba ekupuka abafundi ababetukile ba bheka begqolozele ukuba babone i Nkosi yabo okokugcina. Ifu loku kazimula lamamukela wasitela kubo. Ngaso lesosikati kwehlela pezu kwabo ukuhlabelela okuhle kakulu nokutokozisa kakulu kuvela ezinhlabelelini zezingilosi. UUW 177.5

Abafundi besa gqolozele pezulu ezulwini, bakulunyiswa amazwi ayefana nokuhlabele a okuhle kakulu. Bapenduka ba bona izingilosi ezimbili zinjengabantu, ezakuluma kubo zati:— UUW 178.1

“Nina madoda ase Galile, nimeleni lapa nigqolozele ezulwini na ? Yena lo Yesu, otatwe kini wayiswa ezulwini, uyakufika njengoba nimbone ekupukela ezulwini.” Imisebenzi 1:11. UUW 178.2

Lezi izingilosi zazi ezinye zalezo ezazizo pelekezela uMsindisi eya ekaya lake elise zulwini. Bebadabukela, bebatanda, laba ababesele ngapansi, bahlala babatyelisisa ukuti loku ukwahlukana kwakungesiko oku ungunapakade. UUW 178.3

U Jesu wa ebatembise ukuti uya kuza futi, ngoba wati UUW 178.4

“Inhliziyo yenu mayingakatazeki; kolwani u Tixo, nikolwe futi yimi. Ekaya lika baba kukona izindhlu eziningi, uma kwa ku ngenjalo ngakube ngani tyela. Ngiyakonilungisela indawo, ngobuya futi, ngi namukele kimi; ukuba kuti lapa ngi kona, nibekona nani.” Johane 14 :1—3. UUW 178.5

Izingilosi zati kuba fundi u Krestu “uya kuza kanje” nga loku bembone ekupukela ezulwini. Wakupuka ngesidumbu bambona ebashiya amukelwa ifu. Uyakubuya ngefu elikulu elimhlope, “onke amehlo ayom bona.” Isambulo 1:7. U Enoki waqinisa, wati:—Bheka i Nkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zezi ngilosi, ezokwahlulela bonke. Juda 14. UUW 178.6

“U Isaya wa profeta ngokuti abalungileyo baya kuti ekuzeni kwake, bhekani, lo ungu Nkulunkulu wetu; simlindile uya kusisindisa.” UIsaya 25 : 9. UUW 178.7

Umpostoli Paul, elanda ngako kona loko wati:—“Inkosi uqoba lwayo iya kwehla ivela ezulwini noku memeza, namazwi ezingilosi, netilongo lika Tixo : nabafileyo ku Krestu baya ku vuka kuqala.” UUW 179.1

Bese kuti tina esipilileyo esisasele siya kubambeka nabo emafwini, ukuba sihlangabeze i Nkosi emoyeni; bese sihlala ne Nkosi njalo. 1 Tesalonika 4 : 16, 17. UUW 179.2

U Msindisi uya kufika kanje eza emhlabeni ukuza kozitatela labo abakade betembekile kuye. UUW 179.3