UKrestu UMsindisi Wetu.

5/32

IZIHLOHO 4—UKUBALEKELA E GIBITE.

U HERODI wa enga qinisile lapa eti wa efuna ukudumisa uJesu. Wa esaba ukuti uMsindisi uya kuba inkosi a mepuce umbuso wake. Wa efuna ukutola umtwana ukuba abulawe. UUW 25.1

Izazi za lungisela ukuba zi ze zibuye zi mtyele uHerodi. Kodwa ingilosi ka Jehova ya bonakala kuzo epusheni yase izi godusa ngenye indhlela. UUW 25.2

“Sezi hambile bheka kwa bonakala ingilosi ka Jehova ku Josefa epusheni iti, vuka, tata umtwana no nini ubalekele e Gibite, uhlale kona uze utyelwe yimi; ngokuba uHerodi ufena ukubulala umntwana.” Mateu 2 :13. UUW 25.3

UJosefa aka lindanga ukuba kuze kuse; wa vuka ngaso leso sikati, wa yi hamba no mntwana no nina ubusuku leyo ndhlela ende. Izazi za mupa uJesu izipo ezibiza imali eningi, ngazo uNkulunkulu wa ye lungisela izindhleko zabo zendhlela, nezo kuhlala kwabo e Gibite, kuze kufike isikati abayo buyela ngaso ezweni lakubo. UUW 25.4

UHerodi wa tukutela kakulu lapa ese fumanisa ukuti izazi zazi goduke ngenye indhlela. Wa yazi ukuti uNkulunkulu wa ye teni ngokuza kuka Krestu ngomprofeti. Wa yazi ngokutunyelwa kwe nkanyezi ukuba izo hola izazi. Noko wa qulusela pambili ukuti uzombulala uJesu. Ngo kutukutela kwake wa tumela amabuto ukuba ayo bulala “zonke izingane e Bethlehem ezi neminyaka emibili ubudala nezinga pantsi.” UUW 25.5

Kuya mangalisa ukuba abantu ba ngalwa no Nkulunkulu ! Lendaba yokubulala izingane ezi ngenacala kwa kuinto embi kakulu ! Zase zi ziningi izinto zonya, ezasezenziwe uHerodi ; kodwa impilo yake yobubi yase izopela. Wafa ukufa okwe sabekayo. UUW 26.1

UJosefa no Mary bahlala e Gibite waze wafa uHerodi, Yase ibonakala ingilosi ku Josefa iti, suka utate umtwana no nina uye ezweni lakwa Israel; ngokuba sebefile aba kade be funa ukubulala umntwana. Mateu 2 : 16, 20. UUW 26.2

UJosefa wa ekade etemba ukuti uyo kwaka e Bethlehem lapa uJesu aye zalwe kona; kodwa wati ngoku sondela kwake e Judea, wezwa ukuti kwase kubusa indodana ka Herodi esikundhleni sika yise. Kwa menza ukuba esabe loko uJosefa ukuba aye kona, wa ese dinga nje ukuti uzo kwenzenjani; u Nkulunkulu wa esetumele ingilosi, ukubaizomfundisa. UJosefa elandela aku tyelwa ingilosi wabuyela ekaya lake elidala e Nazareta. UUW 26.3