UKrestu UMsindisi Wetu.

30/32

IZIHLOHO 29—OFAKAZI.

ENTAMBAMA enkulu yosuku lokuvuka, abafund i ababili babehamba beya e Emmaus, umzana omncane ongama mayili ayisishiyagalombili kusuka e Jerusalem. UUW 171.1

Badideka izinto ezazisandu kwenzeka, kakulu ngokwakufike nabesifazane ababe bone izingilosi, bahlangana no Jesu emva kokuvuka kwake. UUW 171.2

Manje basebe buyela emakaya, beya kotandaza bazindhle, betemba ukutola ukukanyiselwa ngalezo zindaba ezazimnyama kubo. UUW 171.3

Besahamba, kwafika isihambi sahambisana nabo ; kodwa babe kuluma bacishe abaze bambona. UUW 171.4

Laba abantu ababe yizihambi babe sindwa usizi bati behamba babe bekala. Inhliziyo ka Krestu ehaukelayo yotando yabona ukudabuka eyayingaku duduza. UUW 171.5

Ezifihlile njenge sihambi waqala ukukuluma nabo. Kodwa amehlo abo aye banjiwe, ukuba bangamazi wa eseti kubo :— UUW 171.6

Nikuluma ngandabani, nihamba nidabukile ? UUW 171.7

Omunye wabo, ogama lake lalingu Cleopas, wapendula wati kuye:— UUW 171.8

Uyisi hambi yini e Jerusalem ukuba ungazazi izinto ezenzakele kona ngalezizinsuku ? UUW 172.1

Wati kubo, zinto zini ? UUW 172.2

“Bati kuye, ngo Jesu wase Nazarete, owa engumprofeti onamandhla emisebenzini nase mazwini, pambi kuka Tixo napambi kwabantu bonke.” ULuka 24 :15—19. UUW 172.3

Base bemtyela okwenzakeleyo, bapinda indaba eyayi letwe abesifazane ababe kade beye etuneni ekuseni ngalo lolusuku : Wase eti:—“O ziwula, nabepuza ukukolwa yiko konke okwashiwo abaprofeti! u Krestu wa engafanele ukuhlupeka ngalezizinto angene ebukosini bake. Eqala ku Moses nabo bonke abaprofeti, wambula kubo imibhalo wabacasisela nge zinto ezingaye.” ULuka 24 : 25—27. UUW 172.4

Abafundi batula bemangele betokoza. Abalinganga ukubuza isihambi lesi ukuti singu bani. Balalela kahle ecasisela umsebenzi ka Krestu. UUW 172.5

Uma u Msindisi wa eqale ngokuzi veza kubafundi babengeke baneliswa. Ekungcwaleni kwentokoza yabo babengeyu pinde bafune luto olunye, kodwa kwakufanele ukuba baqonde ukuti umsebenzi wake wa u profetwe kanjani ngayo yonke imifanekiso nezi profeto zetestamente elidala. Inkolo yabo yayizokuma pezu kwa loku. U Krestu wenza izimangaliso ukuba abapendule, kodwa umsebenzi wake wokuqala kwaku ukucasisela imibhalo. Babe bheke ekufeni kwake njengokubhujiswa kwawo wonke amatemba abo. Manje wa eseba kombisa ngaba profeti ukuti wayeyisizatu sokuqinisa lonke ukolo lwabo. UUW 172.6

U Krestu wa ekombisa ubukulu bwe Testamente elidala ngokuba ufakazi womsebenzi wake, uma efundisa abafundi bake. Baningi manje abadela i Testamente elidala, beti alisasizi luto. Kodwa ukufundisa kuka Krestu aku njalo. Wa elenza into enkulu, ukuba ngesinye isikati wati, uma bengezwa u Mosi nabaprofeti abanakuzwa noma kuvuka umuntu kwabafileyo. ULuka 16 : 31. UUW 172.7

Abafundi bafika ekaya labo ekushoneni kwelanga. U Jesu wazenzisa sengati uyadhlula. Kodwa abafundi abatandanga ukwahlukana nalo owa ebaletele ukutokoza netemba elinje. UUW 173.1

Ngako bati kuye, hlala nati; ngokuba sekuzokuhlwa, usuku seludhlulile. Wangena wahlala nabo. ULuka 24:: 28, 29. UUW 173.2

Ukudhlana kwakusihlwa okwakululana nje kwa shesha kwalunga, u Krestu wahlala en hlokweni yetafula, njengomkuba wake. UUW 173.3

Kwa kuvame ukuba kube umsebenzi womuntu omkulu ekaya lapo ukuba abongelele ukudhla; kodwa u Krestu wabeka izandhla zake pezu kokudhla wakubusisa. Amehlo abafundi avuleka. UUW 173.4

Umkuba wokubusisa ukudhla, ukuzwakala kwezwi elalejwayelekile manje, amanxeba ezi pikili ezandhleni zake, konke kwaba tyela ukuti iNkosi yabo etandekayo. UUW 173.5

Isikashana bahlala betule; base besuka bawa ezinyaweni zake bamdumisa ; kodwa washesha wanyamalala. UUW 173.6

Ngokutokoza kwabo bakohlwa ukuhamba kwabo nokukatala kwabo. Bashiya ukudhla bengazange bakutinte, bashesha bapindela kona e Jerusalem nendaba enhle yoMsindisi ovukileyo. Besa tyela abafundi lezizinto, u Krestu uqobo lwake wema pakati kwabo, nezandhla ezipakanyiselwe isibusiso wati, “Ukutula akube kini.” ULuka 24 : 36. UUW 173.7

Baqala betuka ; kodwa esebakombise amanxeba ezi pikili ezandhleni zake nasezinyaweni, esedhlile pambi kwabo, bakolwa baduduzeka. Inkolo nokujabula kwase kutate indawo yokungakolwa, nangezinhliziyo ezazingena kucasiswa ngamazwi bamvuma u Msindisi wabo ovukileyo. UUW 174.1

Kulomhlangano, u Thomas wa engeko nabo. Wala ukukolwa ababemtyela kona ngokuvuka. Kodwa emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili u Jesu wabonakala kubafundi u Tomase ekona. UUW 174.2

Ngalesisikati wakombisa amanxeba ezandhleni nasezinyaweni okubetelwa. U Thomas wakolwa ngaso leso sikati, wati:—“Nkosi yami, Nkulunkulu wami.” Johane 20:28. UUW 174.3

Endhlini epezulu, u Krestu wabuye wacasisa Imibhalo engaye. Wabatyela abafundi bake ukuti ukupenduka nokutetelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe ngegama lake, kuzo zonke izizwe kuqalwe e Jerusalem. UUW 174.4

Engaka kupukeli ezulwini wati kubo, uma u Moya oyingcwele usufikile pezu kwenu niya kwamukela amandhla ; niyakuba ofakazi bami e Jerusalem, nase Judea lonke, nase Samaria, nakuzo zonke izindawo emhlabeni. Bhekani nginani njalo, nasekupeleni komhlaba. Imisebenzi 1:8; UMateu 28 : 20. UUW 174.5

Wati, kade ningofakazi, bokupila kwami kokuzidelela izwe. Senibonile ukuti bonke abeza kimi, bevuma izono zabo, ngibamukela ngokukululeka. Bonke abatandayo, bangazihlanganisa no Tixo, babe nokupila okupakade. UUW 174.6

Kinina bafundi bami ngibeka lendaba yomusa eyokunikwa izizwe zonke, nezilimi nabantu. UUW 174.7

Yiyani endaweni ekude kakulu emhlabeni; kodwa yazini loku ukuti ngoba kona. Sebenzani ngokolo netemba ; ngokuba asiyikufika isikati engiya kunishiya ngaso. UUW 174.8

Umyalo wo Msindisi kubafundi bake wa usho kubo bonke abakolwayo. Usho kubo bonke abakolwa ku Krestu, kuze kube sekupeleni kwesikati. Bonke abamukela impilo ka Krestu bayokusebenzela usindiso lwabantu bakubo. UUW 175.1

Akusibo bonke abanga sontela abantu behlangene ; kodwa bonke bangakonza abantu ngabanye. Baya konza labo abakulula abahlupekayo abasiza abadingayo, abaduduza abadabukilevo abatyela isoni ngotando luka Krestu olutetelelayo. UUW 175.2