UKrestu UMsindisi Wetu.

28/32

IZIHLOHO 27—U VUKILE.

KWA nokekelwa kakulu ukuba ku lindwe ituna lo Msindisi, nomnyango wavalwa ngetye elikulu. Pezu kwalelitye kwaku valwe ngopau lwama Roma ngendhlela yokuba umuntu wa engeke avule itye kungonakali lolopau. UUW 163.1

Ituna lali zungeze ibuto lawonongqayi bama Roma, Babezo lindisisa, ukuba umzimba ka Jesu ungakishwa. Abanye babe hamba njalo pambi kwetuna, abanye bahlale pansi eduze. UUW 163.2

Kodwa kwaku kona abanye abalindi bezungeze ituna. Kwa ku kona izingilosi ezinamandhla zivela ezulwini. Noma iyipi yalaba abalindi abayizingilosi, ngokukipa amandhla ayo, yayi nga shaya pansi yonke impi yama Roma. UUW 163.3

Ubusuku bosuku lokuqala lwesonto lwase lupele luhamba kancane, nesikati esimnyama kakulu, kungakasi sasesifikile. UUW 163.4

Enye yezingelosi ezinamandhla kakulu iyatunyelwa. Ubuso bayo bunjengo nyazi, nezingubo zayo zimhlope njengo ngqoqwane. Idedisa ubumnyama emkondweni wayo, namazulu onke akanyiswe ukukazimula kwayo. UUW 163.5

Amabuto aleleyo ayavuka, eme ngezinyawo. Bagqolozela izulu elivulekileyo, nesibonakaliso sokukanya okwa kusondela kubo. UUW 163.6

Umhlaba uyatutumela, uzamazame lapa kusondela umuntu onamandhla ovela kwelinye izwe, uza ngodaba olutokozisayo, nejubane namandhla okundiza kwake kuzaniazamisa umhlaba njengo kuzamazama komhlaba okunamandhla. Amabuto nezinduna nanakosana ashayeka pansi njengabantu abafileyo. UUW 164.1

Kwaku kade kukona abanye abalindi etuneni lo Msindisi. Izingilosi ezimbi zazi kona. Ngokuba i Ndodana ka Nkulunkulu yayifile, isidumbu sayo sasibangwa uye onamndhla okufa,—u Satani. UUW 164.2

Izingilosi zika Satani zazi kona zizo vimbela ukuba kungabiko amandhla okutata u Jesu ezandhleni zazo. Kodwa zabaleka lapa zibona umuntu onamandhla ovela esihlalweni sobukosi sika Tixo esondela. UUW 164.3

Ingilosi yabamba itye elalisemnyango wetuna, yaligingqa, njenge tyana elincane. Yase i memeza ngezwi, elenzwa umhlaba watutumela iti:—“Jesus Ndodana ka Tixo, puma, uyihlo uya kubisa!” UUW 164.4

Yenake owaye wasebenzele amandhla okunqoba ukufa netuna wapuma etuneni. Ngapezu kwetuna eliqekezekileyo wati, “ukuvuka nokupila.” Nesixuku sezingilosi sakotama pansi sidumisa pambi komhlauleli, zambingelela ngamagama odumo. UUW 164.5

UJesu wapuma nezinyatelo zomnqobi. Pambi kwake umhlaba wagingqika, unyazi lwapazima, nokuduma kwa ngqingqizela. UUW 164.6

Ukuzamazama komhlaba kwaqopa isikati sokufa kuka Krestu. Ukuzamazama komhlaba kwafakaza futi isikati anqoba ngaso. UUW 164.7

U Satani, watukutela kakulu ngokuba izingilosi zake zazi balekile ngokusondela kwesitunywa sase zulwini. Wake waba nesibindi sokuze tembisa ati u Krestu akasayi kupinde avuke, nokuti icebo lenhlaulelo lase lizo kwahluleka. Kodwa ebona u Msindisi epuma ngoku nqoba, lonke itemba lapela. U Satani wazi manje ukuti umbuso wake uzopela, nokuti usezo gcina ngokubhujiswa. UUW 165.1