UKrestu UMsindisi Wetu.

20/32

IZIHLOHO 19—PAMBI KUKA ANASI, NO KAIFASI NE SANHEDRIM.

U Jesu wa landelwa isixuku esasimemeza sisuka naye ensimini. Wa ehamba kabuhlungu ngokuba izandhla zake zazi boshwe zitiwe ngqi, equtywa eduze. UUW 119.1

Wayiswa endhlini ka Anasi kuqala, owa ekade engu mpristi omkulu kuqala, kodwa isikundhla sake sasesitatwe umkwenya wabo u Kayifasi. U Anasi omubi wa ecele ukuze abe owokuqala oyakubona u Jesu eyisitunjwa esiboshiweyo. Wa efisa ukuba atole kuye izizatu ayaku tola ngazo ukulahlwa kwake. UUW 119.2

Enalomqondo ke wabuza u Msindisi ngabafundi bake nezifundiso zake. U Krestu wapendula wati:— UUW 119.3

Ngakuluma obala kubantu ; Ngangi fundisa ezindhlini zokusonta nasetempelini lapa kwaku kona aba Juda njalo, aluko uto engalusho esita. UUW 119.4

Ependukela kumbuzi wati ungibuzelani ? Buza labo abangizwayo, engakushoyo. Johane 18:20, 21. UUW 119.5

Abapristi base bebeke izinhloli zokuhlomela u Krestu zibike amazwi ake onke. Ngalezinhloli babazi konke akushoyo nemisebenzi yake kuzo zonke izanhlangano zabantu ayekade eya kuzo. Izinhloli zazifuna ukumbamba ngamazwi ake ukuze batole into abayomlahla ngayo. Ngakoke u Msindisi wati, “Buza kwabangizwayo.” Hambani niye ezinhlolini zenu. Zangizwa engakushoyo. Zingakutyela ukuti kade ngifundisani. UUW 120.1

Amazwi aka Krestu ayehlaba engena enhliziyweni ngangokuba umpristi wezwa ukuti isiboshwa lesi sake sasifunda nompefumlo wake uqobo. UUW 120.2

Kodwa omunye wezinceku zika Anasi ecabanga ukuti inkosi yake yayeyiswa u Jesu, wamshaya ebusweni eti:— UUW 120.3

Upendula umpristi kanje ? UUW 120.4

Kuloku u Jesu wakuluma kahle eti:—“Uma ngikulume okubi fakaza ngalobo bubi; kodwa uma ngikulume okuhle, ungishayelani ?” Johane 18 : 22, 23. UUW 120.5

U Krestu wa engase ayale isixuku sezingelosi zehle ezulwini zizomsiza. Kodwa kwaku inxenye yomsebenzi wake ukuba abekezele ebuntwini bake konke ukubhinqwa nokweyiswa abantu ababeku nqwabela pezu kwake. UUW 120.6

U Msindisi wakishwa endhlini ka Anasi wayiswa kweka Kayifasi. Wa ezobuzwa pambi kwe Sanhedrim kwati besaqoqwa abakona u Anasi no Kayifasi bambuza futi, kodwa abatolanga luto. Sebefikile bonke abe Sanhedrim u Kayifasi watata isihlalo sake waba nje ngompatisihlalo. Wa epahlwe abahluli ngapambi kwabo kwakumi amabuto amaRoma ebheke u Msindisi; ngasemva kwalabo kwaku kona isixuku esimmangaleleyo. UUW 120.7

U Kayifasi wati ku Jesu ake enze esinye sezibonakaliso zake pambi kwabo. Kodwa u Msindisi akazange akombise nokuti uyezwa ukuti kutiwani. UUW 121.1

Uma wa eke wapendula nangokubuka okuhlabayo nje okukodwa njenga lokuya abheka ngako ababetenga nababetengisa etempelini, sonke isixuku sababulali sasiyomelwa ukubaleka ebusweni bake. UUW 121.2

Ngalesosikati aba Juda babemelwe ukuba batole into ngo Msindisi eya izotiwa iyicala umbusi wama Roma. Babezo tola izizatu eziningi ezazishiwo u Krestu ngezindaba aba Juda ababe kolwa yizo nangemiteto yabo eminingi. Kwaku lula ukuba ku bonakaliswa ukuti wa edele abapristi nababhali nokuti wa ebabize ngokuti bangabazenzisi nababulali. Kodwa loku kwaku nganakwa ama Roma ngoba nabo besebediniwe ukuzenzisa kwaba Farisi. UUW 121.3

Zaziziningi izinto ababe mangalele u Krestu ngazo, kodwa ofakazi babe ngavumelani nezizatu zazi, ngamukelwa ama Roma. Balinga ukuba apendule ababemmangalele ngako, kodwa wabukeka sengati akazizwanga. Ukutula kuka Krestu ngalesisikati kwalandwa kanje u Isaya umprofeti:— UUW 121.4

“Ubehlupekaedabuka akawuvulanga umlomo wake : waletwa njenge cwane lizohlatywa, nanjemvu itule pambi kwabagundi bayo kunjalo naye akawuvulanga umlomo wake.” UIsaya 53:7. UUW 121.5

Abapristi baqala ukwesaba ukuti bazokwehluleka ukutola amaqiniso ababezowaleta pambi kuka Pilatu. Bati sebezolinga kanye bagcine. Umpristi omkulu wapakamisa isandhla sake sokunene wasi bhekisa ezulwini wati ku Jesu sengati wenza isifungo esikulu wati:— UUW 121.6

“Ngiyakufungisa ngo Nkulunkulu opilayo ukuba usityele ukuti ungu Krestu, i Ndodana ka Tixo.” UMateu 6:63. UUW 122.1

U Msindisi wa engaze angadela umsebenzi ayewuzele nokuma kwake ku Yise. Wa engatula nje uma edelelwe yena uqobo lwake, kodwa wa ekuluma ngokusobala nokungangabazi uma kukulunywa ngomsebenzi wake nangokuba eyi Ndodana ka Tixo. UUW 122.2

Izindhlebe zonke zavulwa nawo wonke amehlo abheka kuye lapa ependula eti:— UUW 122.3

“U shilo wena.” UUW 122.4

Ngomukuba walezozinsuku loku kwakufana nokuti “Yebo,” nokuti kunjengokusho kwako. Kwaku indhlela eqinileyo kakulu yempendulo eqinisileyo. Ukukanya kwase zulwini kwabonakala ku kanyisa ubuso obwabupele igazi (obupapatekileyo) boMsindisi lapa eti futi:— UUW 122.5

“Noko ngiti kini emva kwaloku niyaku bona indodana yomuntu ihl ezi ngakweso kunene samandhla iza emafwini ezulu.” UMateu 26:46. UUW 122.6

Kulokusho u Msindisi wabonisa okwahiukileyo kuloko okwakwenzeka ngalesosikati. Wa komba pambili kulesosikati lapa eyakutata isikundhla somahluli omkulu wase Zulwini nasemhlabeni. Ahlale esihlalweni sika Yise sobukosi, nakwayokusho akuyubuye kushiwo okunye. UUW 122.7

Wabeka pambi kwababemuzwa isiboniso salolosuku, lapa koti esikundhleni sokuzungezwa izigebenge ezitukuteleyo eyakuza ngamafu ezulu namandhla nobukosi obukulu. Apelekezelwe isixuku sezingelosi. Ati akubulawe izita zake lapa kuya kuba kona nabalabo ababemmangalele. UUW 122.8

U Jesu esakuluma lamazwi esho kona ukuti uyi Ndodana ka Tixo umahluli wezwe umpristi omkulu wadabula ingubo yake sengati ubonisa ukwesaba. Wapakamisa izandhla zake wazibhekisa pezulu wati:— UUW 123.1

Usekulume inhlamba; kusafanelwani abanye ofa-kazi? bhekeni seniyizwile inhlamba yake. Nicabangani ? Abahluli bapendula bati, unecala lokuba afe. UMateu 26 : 65, 66. UUW 123.2

Kwaku pambene nomteto waba Juda ukuba kungaze kwatetwa icala lesiboshwa ebusuku. Noko ukulahlwa kuka Krestu kwakuqondiwe kwakumelwe ukuba litetwe emini. UUW 123.3

U Jesu wayiswa endhlini yawo nongqayi, wahlushwa ukuhlekwa nokutukwa amasosha nakubantu ababi abaningi. UUW 123.4

Kwanele ukusa nje waletwa futi pambi kwabahluli bake wa eselahlwa okokugcina. UUW 123.5

Abantu nabaholi bagcwala ukutukutela kuka Satani. Ukubhonga kwamazwi kwaku njengokwezilwane zasendhle. Bagijimela ku Jesu beti unecala mubulaleni! uma kwaku ngeko amabuto babe yomdwengula. Kodwa umbusl wama Roma wavimba, nangamandhla ezikali bavimbela ukutukutela kwesixuku sezigebenge. UUW 123.6

Abapristi nababusi nesixuku esitukuteleyo bahlangana betuka u Msindisi. Batata ingubo endala bayibeka ekanda lake bamhlupa bamshaya ebusweni beti:— UUW 123.7

“Siprofetele wena Krestu ubani okushayayo ?” UMateu 26:68. UUW 123.8

Kwati lapa sekususwe indwangu omunye wababemhleka wafela ubuso boMsindisi. UUW 123.9

Izingelosi zika Tixo zabhala konke ukubuka kokweyisa, namazwi nezenzo ezazenziwa e Nduneni yabo etandekayo. Ngolunye usuku labo abantu abapansi ababehleka befela ubuso buka Krestu obupapatekileyo bobuka lobobuso ngobukosi bwabo bonke bucwazimula kunelanga. UUW 124.1