UKrestu UMsindisi Wetu.

18/32

IZIHLOHO 17—E GETSEMANE.

IMPILO yo Msindisi esemhlabeni kwaku impilo yomtandazo. Ayemaningi amahola aye hlala yedwa no Nkulunkulu. Wa evama ukutumela izicelo zake ku Yise osezulwini. Ngaloko watola amandhla noku hlakanipa ukuba ku mqiuise emsebenzini wake noku mgcina angawiswa izilingo zika Satani. UUW 105.1

Esedhlile ipasika nabafundi bake uJesu wa hamba nabo waya ensimini i Getsemane lapa wa evama ukuya ko kuleka kona. Esahamba wa ekuluma nabo ebafundisa kodwa sebe sondela ensimini watula ngoku mangalisayo. UUW 105.2

Ukupila konke kwake uJesu wahlala pambi kuka Yise. U Moya ka Nkulunkulu wa u kade ungumholi nomsekeli wake omi njalo. Sonke isikati wa enika uNkulunkulu udumo ngemisebenzi yake emhlabeni, ati ngokwami anginakwenza luto. Johane 5 : 30. UUW 105.3

Si ngenze luto ngokwetu. Sonqoba senze intando yake emhlabeni uma amandhla etu siwencikise ku Krestu. Sifanele ukuba sibe netemba kuye elinjenge lomntwana, njengelake kuyise. U Krestu wati, “Ngapandhle kwami ningenze luto.” Johane 15 : 5 UUW 105.4

Ubusuku obesabekayo bo munyu wo Msindisi bwa qala sebesondela ensimini. Kwa besengati ubuso buka Nkulunkulu obwa bukade bumsekele abuseko kuye. Wa eseqala ukubona ukuti kuyini ukuvalelwa ku yise. UUW 106.1

UKrestu wa entelwe ukutwala izono zezwe. Njengokuba zasezi bekwe pezu kwake, zazi bukeka zi ngapezu kwa mandhla ake. Ububi bwesono bwa bwe sabeka wa qala ukwesaba sengati uNkulunkulu akasezumtanda. UUW 106.2

Ezwa ukunga tokozi okubi kuka Yise ngesono amazwi apuma kuye. “Umpefumulo wami udabukile okokufa.” UUW 106.3

U Jesu wa shiya abafundi bake eduze nesango lensimu, ukupela u Peter, no Jakobe no Johane, wa ngena nalaba abatatu ensimini. Babe aba landeli bake abaqinileyo be abangane bake abaseduze kakulu. Kodwa nabo wa engatandi ukuba babone ubuhlungu ayezo buzwa. Wati kubo. UUW 106.4

“Hlalani lapa ni linde kanye nami.” UMateu 26:38. UUW 106.5

Wa hamba ibangana wa esewa eti mbo emhlabatini. Wezwa ukuti uyahlukana no Yise ngesono. Igebe pakati kwabo lali banzi li julile wa qaqazela pambi kwalo. UUW 106.6

U Krestu wa engahlupekeli izono zake, wa ehlupekela izono zezwe, wayezwa ukundinwa kuka Tixo isono njengokozwiwa isoni ngosuku lokwahlula. UUW 106.7

Ekuhlupekeni kwake u Krestu wabambelela emhlabatini obandayo. Ezindebeni zake ezipele igazi kwafika lokukukala okubuhlungu, O, Baba wami uma kungenzeka dhlulisa lendebe kimi. Noko kungayi ngokutanda kwami kuye ngokwako. UMateu 26:39. UUW 106.8

Kwaze kwapela ihola u Krestu etwele lobubuhlungu obwesabekayo yedwa. Wa eseza kuba fundi bake etemba ukutola izwi lesihau. Kodwa asiko isihau esasimhlalele, ngoba babelele. Bapapamiswa izwi lake, kodwa babe cishe ukungamazi, obuso bake bwase buguqukile usizi. Wati ekuluma no Peter:— UUW 106.9

Simon ulele na ? Ube ungelinde nami ihola libe linye ? uMarko 14 :37. UUW 107.1

Engakabuyeli ensimini u Krestu wati kubafundi bake, “Nonke niyakucunuka ngami ngalobubusuku. Basebeqinise kakulu beti bayakuya naye etilongweni nasekufeni, no Peter ohlupekayo ozibeka pambili wa eqube wati, noma bonke becunuka ngawe mina angisoze.” UMarko 14 : 27, 29. UUW 107.2

Kodwa abafundi babezetemba. Ababhekanga ku msizi onamandhla njengokululekwa kwabo uKrestu. Ngakoke kwati lapa u Msindisi edinga kakulu isihau sabo nemitandazo yabo bafunyaniswa belele. UUW 107.3

Impela utando u Johane ayetanda ngalo i Nkosi yake lwalufanele ukumenza angalali. Imitandazo yake emihle yaifanele ukuhlangana neyo Msindisi wake otandekayo ngesikati sokuhlupeka kwake. U mhlengi wa ecite ubusuku obuningi etandazela abafundi bake ukuba ukolo lwabo lungapeli ngesikati sokulingwa. Noko kwala uma bahlale naye bangalali ihola elilodwa nje. UUW 107.4

Uma u Krestu wa ebabuza manje o Jakobe no Johane wati, ningasipuza isitya engisipuzayo ? ninga bhapatizwa ngoku bhapatiza engi bhapatizwa ngako ? babe ngeke basheshisa ukupendula njengakuqala bati, singakwenza. UMarko 10:38, 39. UUW 107.5

Inhliziyo yo Msindisi yagcwala isihau nomunyu ngobutakataka bwabafundi. Wesaba ukuti abasoze bakumela- ukulingwa okwakuzo letwa ukuhlupeka kwake pezu kwabo. Noko akaba solanga ngokuqinisekile. Wacabanga ngezilingo ezazipambi kwabo wati: UUW 107.6

Lindani nikuleke ukuba ninga ngeni ekulingweni. UUW 108.1

Wabenzela izaba zokwehluleka kwabo ukufeza umsebenzi wabo ongaye : “Wati umoya uyavuma kodwa inyama ibutakataka.” UMateu 26:41. Lapa isenzo esisibonisa kakulu isihau sotando lo Msindisi ! UUW 108.2

I Ndodana ka Nkulunkulu yase ibuye ifikelwa usizi olungapezu kobobuntu. Edangele esepele amandhla watenga wabuyela emva, watandaza njengakuqala wati:— UUW 108.3

“O Baba wami uma lesisitya singadhlula kimi ngingasipuzanga. Intando yako mayenziwe.” UMateu 26 : 42. UUW 108.4

Umunyu walomtandazo waveza amatonsi egazi okujuluka. Wa esebuye ebafuna futi abafundi ukuba bamdabukele. Wabuye wabafumanisa belele. Ubuso bake bwabavusa. Bambheka besaba ngoba lali nindeke ngegazi. Abaze baqonda ngokuhlupeka komqondo wake okwaku boniswa ubuso bake. UUW 108.5

Wa esebuya eyakofuna indawo yokutandaza ngokwesitatu. Wanqotywa ukwesaba kobumnyama obukulu. Wa eselahlekelwe ubuso buka Yise. Wesaba ukuti uma bungeko enobuntu bake nje ku ukupela akayi kuba namandhla okumela ukulingwa. UUW 108.6

Nangokwesitatu watandaza njengakuqala. Izingelosi zafisa ukuba zize komkulula, kodwa mhlaumbe kwaku ngeke kwenzeke. I Ndodana ka Tixo ya imelwe ukupuza lesisitya uma kunge njalo izwe lalizolahleka ukupela. Wabona ukungabi namandhla okuzisiza kwabantu. Wabona amandhla esono. Iziqalekiso zezwe elilahliweyo zabuye zadhlula pambi kwake. UUW 108.7

Wa esegcina ngokuketa ukuti uya kusindisa abantu noma kungambizani. Wa eseshiye izigodhlo zasezulwini, lapa kukona ubumhlope nokutokoza nobukosi ukuba asindise izimvu ezilahlekileyo, izwe eliwe ngesono wati akanakukubalekela ayekuqondile. Manje umtandazo wake wa usupefumula ukuvuma kodwa uti:— UUW 109.1

“Masingadhluli kimi lesisitya nginga sipuzanga, intando yako mayenziwe.” UUW 109.2

U Msindisi manje wa esewa pansi equleka. Kwakungeko mfundi wokubeka isandhla sake pansi kwekanda le Nkosi yake, ageze ibunzi lake eselikakulu loniwe kunawamadodana abantu. U Krestu wa eyedwa ; amuko noyedwa kubantu owa enaye. UUW 109.3

Kodwa u Nkulunkulu uhlupeka nayo i Ndodana yake. Izingelosi zibona ukukatazeka ko Msindisi, kuba kona ukutula ezulwini. Akutintwa nowodwa umqangala. Uma abantu babeke babona ukumangala kwemikosi yezingelosi lapa zitule, ukutula kokudabuka zihlomele u Yise. Ahlukanisa imisebe yokukanya neyotando neyobukosi e Ndodaneni yake etandiweyo bangaqonda kancono ukuti udinwa kangakanani isono. UUW 109.4

Kwafika ingelosi enamandhla manje ngasecaleni lika Krestu. Yapakamisela i kanda lobutixo obukatazekayo esifubeni sayo yakomba ezulwini. Yamtyela ukuti usepumelele ekunqobeni u Satani. Ngenxa yalokoke izigidi ziya kuba abanqobi embusweni wake wobukosi. UUW 109.5

Kwase kuhlala ebusweni bo Msindisi obubhecwe nge gazi ukutula kwase, zulwini wa etwale okwakungeke kutwalwe umuntu; ngokuba wezwa ubuhlungu bokufa kwabo bonke abantu. UUW 109.6

Wa esebuye ebafuna futi abafundi ukuba bamdabukele. UUW 110.1

U Krestu ebabheka ngokudabuka wati, “lalani ke manje nipumule; bhekani isikati sesifikile ne Ndodana yomuntu isinikelwe ezandhleni zezoni.” UUW 110.2

Wati esakuluma lawamazwi wezwa izinyatelo zezigebenge zimfuna wati:— UUW 110.3

“Sukani sihambe bhekani usefikile onginikelayo.” UMateu 26 :45, 46. UUW 110.4