UKrestu UMsindisi Wetu.

17/32

IZIHLOHO 16—EKUDHLENI KWE PASIKA.

ABANTWANA bakwa Israel baqalisa ukudhla ipasika ngamhla bekululwa eGibite. UUW 97.1

UNkulunkulu wa etembise ukubakulula. Wa ebatyele ukuti amazibulo onke aseGibite azakubulawa. Wa ebatyele ukuba babhece izinsika zeminyango yabo ngegazi lecwane elibuleweyo, ukuze ingelosi yokufa ibadhlule. UUW 97.2

Icwane lona babe zolosa, balidhle kusihlwa, nesinkwa esingabilile nemifino ebabayo, eyayi bonisa ubukulu bobugqili babo. Babeyolidhla sebelungele ukuhamba. Sebefake izicatulo zabo, bepete izinduku zabo ezandhleni. UUW 97.3

Benza loko ababe kutyelwe uJehova, ngabona lobo busuku inkosi yase Gibite yatumela izwi kubo yati, abakululeke. Ekuseni basuka bahamba beya ezweni lesetembiso. UUW 97.4

Ngakoke yonke iminyaka ngabo lobo busuku abapjima ngabo eGibite, abaIsrael bonke babedhla ukudhla kwe pasika eJerusalem. Kulelidili kwakuba ileyondhlu idhle icwane elosiweyo nesinkwa ne mifino ebabayo, njengo gogo babo eGibite. Batyele abantwana babo ngokulunga kuka Nkulunkulu ngokukulula abantu bake ebugqilini. UUW 97.5

Kwaseku fika isikati sokuba uKrestii adhle lesisidhlo nabafundi bake. Watyela uPeter no Johane ukuba ba fune indawo, ba lungisele kona ipasika. UUW 97.6

Ba beba baningi abantu ababeza eJerusalem ngalesisikati, kwakuti labo abahlala pakati komuzi, balungele ukunika indhlu kwabafikayo ukuba badhle isidhlo. UUW 98.1

UMsindisi wa batyela o Peter no Johane ukuti koti uma sebe fike emgwaqweni bohlangana nomuntu etwele ingcazi yamanzi. Babeyo mlandele lowo baye endhlini aya kuyo. Basebeti kumuntu olungileyo wa leyohdlu. UUW 98.2

Inkosi iti kuwe, ipi indhlu yezi hambi lapa ngiza kudhla kona ipasika nabafundi bami na ? UUW 98.3

Lomuntu wa ezoba kombisa ikamelo elikulu elipezulu ukuba benze abakudingayo, babezo lungisela kona isidhlo sepasika konke kwenzeka ngokusho kuka Krestu. UUW 98.4

Esidhlweni sepasika abafundi babe bodwa no Jesu, zonke izikati kwakuti uma beku lawamadili batokoze, kodwa manje wa edabukile emoyeni. UUW 98.5

Ekugcineni wati ngamazwi okudabuka okubanga umunyu:— UUW 98.6

“Ukufisa okungenze ukuba ngi tande ukudhla leli pasika nani ngi nga kahlupeki.” UUW 98.7

Kwaku kona iwayini elimnandi etafuleni wa li tata ngesitya wa bonga wati:— UUW 98.8

Tatani loku nahlukaniselane kona ngokuba ngiti kini angi seyu kupuza isitelo sesi vini kuze kufike umbuso ka Tixo. ULuka 22:11, 15, 17. UUW 98.9

UKrestu waegcina ngalesi sikati ukudhla isidhlo nabafundi bake. Ngempela nje kwaseku ipasika loku gcina. Ngokuba icwane la bulawelwa ukuba lifundise abantu ngokufa kuka Krestu; kwa knyoti uma uKrestu, iCwane lika Nkulunkulu esebulawelwe izono zezwe, kungabe kusadingeka ukuba kubulawe icwane lokufanekisa ukufa kwake. UUW 98.10

Mhla abaJuda beqala ukudela kwabo uKrestu ngoku mbulala babe dela konke o kwaku kulisa lesisidhlo, nesasiqondelwe kona. Ngakoke ukusigcina kwabo kwaku umkuba ongasizi luto. UUW 99.1

Wati uKrestu enza lenkonzo yepasika kwaku kona emqondweni wake isibonakaliso somnikelo wake omkulu wokugcina. Wa esesetunzini lesipambano, inhliziyo yake isihlushwa ubuhlungu. Wa elwazi lonke usizi olumbhekileyo. Wa ekwazi nokunyaza nolaka okuyaku bonakaliswa kuye ilabo aezo basindisa. Kodwa wa enga cabangi ngobake ubuhlungu. Wa edabukela labo ababezo dela nMsindisi wabo balahlekelwe ukupila okupakade. UUW 99.2

Umcabango owa wudhlula yonke kwaku owabafundi bake. Wazi ukuti koti kungapela okwake ukuhlupeka, besebesala bezilwela ezweni. UUW 99.3

Kwa kukuningi angabatyela kona okuya kuhlala njalo ezinhliziyweni zabo lapo engaseko. Wetemba-ke ukuba akuluine ngalezizinto emhlanganweni wabo wokugcina engakafi. UUW 99.4

Wa engenakuba tyela ngalesi sikati. Wabona ukuti abanakulalela. UUW 99.5

Babe kade bepikisana. Ba besa cabanga njalo ukuti uKrestu uzakuba inkosi masinyane, kwaku ilowo efuna isikundhla esipakemeyo emubusweni wake. Ngako base benzelana umona betukutelelana. UUW 99.6

Kwakukona enye into eyayibanga uhlupo. Esidhlweni kwaku umkuba wenceku ukuba igeze izinyawo zabafikileyc nangalesi sikati ke kwase kulungiselwe. Ingcazi yamanzi nesitya sokugezela, nendwangu yokwesula kwaku kona sekulinde ukuba ku gezwe ngako izinyawo. Kodwa kungeke nceku ngako kwaku melwe ukwenziwa abafundi. UUW 99.7

Kodwa bonke bacabanga bati bona abasoze baba izinceku zaba zalwane babo. Bala ukugezana izinyawo. Ngako bahlala ezindaweni zabo etafuleni batula bati nya. UUW 100.1

UJesu wa ke watula nje eti ake abone ukuti bazo kwenze njani. Wase esuka etafuleni. Wazi bopa ngendwangu yokwesula, watela amanzi esityeni, waqala ukugeza izinyawo zabafundi bake. Wa edabukile ngokupikisana kwabo kodwa akaba kuzanga ngamazwi ahlabayo. Wa bonisa utando lwake ngokwenza njenge nceku, ese qedile wati:— UUW 100.2

“Uma mina engiyi Mkosi yenu no Msindisi wenu ngi geza izinyawo zenu nani nifanele ukugezana. Ngokuba se ngi ninike isibonelo ukuba nenze njengese ngi kwenzile kini.” Johane 13 : 14, 15. UUW 100.3

Ngaloku uKrestu wa ebafundisa ukuba bafanele ukusizana. Esikundhleni sokuba bazifunele izikundhla ezipakemeyo kakulu bafanele ukukonza abanye. UUW 100.4

U Msindisi weza emhlabeni ukuzosebenzela abantu. Wa pila esiza esindisa abadingayo nezoni. Ufuna ukuba nati senze njengaye. UUW 100.5

Abafundi baba namahloni ngomona wabo nokuzicabanga kwabo. Izinhliziyo zabo zagcwala utando lweNkosi yabo, nabo futi batandana. Manjeke basebengalalela izifundiso zika Krestu. UUW 100.6

Ngoba babesadhla u Jesu wa tata isinkwa wa bonga wa sihlepula wabanika eti “Loku ku umzimba wami owanikelwa kini: yenzani loku ningi kumbule.” UUW 101.1

Wabuye wa tata isitya emva kokuba sebedhlile eti lesisitya si isivumelwano esisha egazini lami elipalazelwa nina. ULuka 22 :19, 20. UUW 101.2

I Baibeli liti, Sonke isikati uma nidhla lesisinkwa nipuza lesisitya nibonakalisa ukufa kwe Nkosi ize ibuye. 1. Abasekorinte 11:26. Isinkwa nesitya ku umfanekiso womzimba ka Krestu negazi lake. Njengoba isinkwa sahleshulwa newayini latelwa ngako esipambanweni kwahleshulwa umzimba ka Krestu, negazi lake laciteka ukuba lisindise tina. Ngokudhla isinkwa nangokupuza iwayini sikombisa ukuti siyakolwa. Sikombisa ukuti si yapenduka ezonweni zetu nokuti semukela u Krestu abe u Msindisi wetu. UUW 101.3

Abafundi besahlezi ekudhleni no Jesu babona ukuti usahlupeka njalo kakulu, kwahlala ifu pezu kwabo bonke badhla betule. UUW 101.4

Ekugcineni u Jesu wa kuluma kubo wati, “Ngiqinisile ngiti kini omunye kini uyakunginikela.” UUW 101.5

Abafundi badabuka bamangala ngalamazwi. Bonke baqala ukuzibuka ukuba babone ukuti kukona yini ababe nako ezinhliziyweni zabo nge Nkosi yabo okwakuyitunzi lomcabango omubi. UUW 101.6

Babuza ngamunye beti, Nkosi yimi na ? Kwatula u Judas yedwa. Ngako amehlo abo bonke ayesebheke kuye. Wati lapa ese bona ukuti bambhekisisile wa eseti naye “Nkosi yimi yini ?” UUW 101.7

U Jesu wa pendula ngo munyu wati “Ushilo wena.” UUW 101.8

U Jesu wa esegeza izinyawo zaka Judas, kodwa loku kwakungamenzanga ukuba atande u Msindisi kakulu kunakuqala. Wa tukuteliswa ukuti u Krestu wenza umsebenzi wezinceku. Manjeke wa esazi ngokungapezulu ukuti u Krestu akasoze enziwa inkosi wa ese funa ngamandhla ukumnikela. UUW 102.1

Ebona ukuti akuqondile sekuyaziwa noko akumenzanga loku ukuba esabe. Wa shesha wapuma endhlini esetukutele waya kofeza icebo lake elibi. UUW 102.2

Ukuhamba kuka Judas kwabapumuza bonke ababekona. Ubuso boMsindisi bakanya ngaloko itunzi lasuka kubafundi. UUW 102.3

U Krestu wa kuluma isikati nabafundi bake. Wa eya ekaya lika yise wati, uya kobalungisela indawo. We tembisa ukubatumela u Moya oingcwele ukuba uzobafundisa uba duduze ese hambile. Wa batyela ukuba batandaze ngegama lake ikona imitandazo yabo iyakupendulwa ngeqiniso. Wa batandazela ukuba bagcineke ebubini, batandane njengoba wa batanda yena. UUW 102.4

U Jesu wa sitandazela nati njengokuba atandazela abafundi bake bokuqala. Wati angitandazeli laba bodwa kodwa bonke abayakukolwa yimi ngezwi labo ; ukuze babe munye; njengawe baba ukimi nami ngi kuwe, ukuze nabo babe munye kitina: ukuze izwe likolwe ukuti ungi tumile, . . . Uba tandile njengokuba ungitandile. Johane 17 : 20-23. UUW 102.5