UKrestu UMsindisi Wetu.

16/32

IZIHLOHO 15—SUSAN I LAPA LEZOZINTO.

NGANGOMSO U Krestu wa ngena etempelini. Ngeminyaka emitatu edhlulileyo wa efunyanise abantu be tenga betengisa egcekeni elinga pandhle waba kuza waba kipa. Manje esafika futi etempelini, wa funyanisa wona lowo msebenzi wenziwa. Igceke lali gcwaliswe izinkomo nezimvu nezinyoni. Konke loku kwaku tengisa ababe funa ukunikelela izono zabo. Labo ababe sebenza lomsebenzi, babe panga beamasela. Sasisikulu isipitipiti somsindo, sibatikimez kakulu labo ababe dumisa ngapakati. UUW 93.1

UKrestu wema ezinyatelweni ze tempeli, wa buka kulo lonke igceke ngokubuka kwake okuhlabayo. Onke amehlo apendukela kuye. Kwatuliswa amazwi abantu nawezinkomo. Bonke bamangala besaba i Ndodana ka Tixo. UbuTixo bwakanya bwadhlula ubuntu bwenza u Jesu apakame abe nobukosi ayengazange akubonakalise ngapambili. Kwakucishe kube lukuni ukuba atule. Ekugcineni wati ngezwi elihlér nangamandhla ashaya abantu njengesivunguvungu esikulu “Kulotyiwe ukuti indhlu yami indhlu yokukuleka kodwa niyenza umhume wabapangi.” ULuka 19 : 46. UUW 93.2

Nangamandhla amakulu kakulu aeseke wa wabonisa ngeminyaka emitatu eyase idhlulile wati, UUW 93.3

“Susani lezizinto lapa.” UUW 94.1

Abapristi nababusi betempeli babeke babaleka lapa bezwa izwi lake. Babuya ba zisola ngokwesaba kwabo. Bati abasoze bapinda babaleka kanje futi. Noko manje besaba okwedhlula okwakuqala ba shesba kuna kuqala futi ukwenza akushoyo, ba puma etempelini ba shesha baquba izinkonzo zabo. UUW 94.2

Masinyane igceke letempeli lase ligcwala abantu ababezo piliswa uJesu. Abanye base befa. Laba abablupekayo babezwa ukuswela kwabo okukulu. Ba mgqolozela uKrestu besaba beti bazobona unya olwalu xoshe abatengi nabatengisi etempelini kodwa babona ebusweni bake utando nesihau. UUW 94.3

UJesu wa mukela abagulayo nezifo nokuhlupeka kwa suswa isandhla sake. Wa etata abantwana ezingalweni aake ebaduduza ngokutetema kwabo, asuse ukufa nobuhlungu bwemi zimba yabo emincane, wa ba buyisela konina bemwamwateka bepilile. UUW 94.4

Yeka isibonakaliso esasizo bingelela abapristi nababusi lapa be hamba becabanga beya etempelini. UUW 94.5

Bezwa amazwi amadoda nabafazi nezingane zidumisa uNkulunkulu. Babona abagulayo bepiliswa izimpumpute zibona izitulu zizwa nezinyo nga zihamba. UUW 94.6

Abantwana ba hola ekujabuleni. Ba pinda ohosana bosuku Iwangayizolo, bapepezela amagatya esundu pambi ko Msindisi. Itempeli lankeneza ukumemeza kwabo :— UUW 94.7

Hosana e Ndodaneni ka David !
“Ubusisiwe ozayo ngegama le Nkosi!” UMateu 21: 9.
UUW 94.8

Bheka iNkosi yako iyeza kuwe ; ilungile inosindiso. Zakalia 9 :9. UUW 94.9

Ababusi ba linga ukutulisa ukumemeza kwezingane ezenamileyo, kodwa zazi ngenakutuliswa ngoba zonke zazi gcwele ukutokoza nokubonga ngemisebenzi emangalisayo ka Jesu. UUW 95.1

Ababusi base be peneukela ku Msindisi betemba ukuti uzakuba tulisa. Bati kuye :— UUW 95.2

Uyezwa okushiwo yilabo na? UUW 95.3

UJesu wa pendula wati yebo ; anifundanga yini ukuti ngomlomo wezingane nezincelayo ulupelelisele udumo ? UMateu 21:16. UUW 95.4

Ituba eliyisibusiso loku babaza ukuzalwa kuka Krestu nokuquba umsebenzi wake emhlabeni wa waliwe ababusi abanolaka babantu udumo lwake lwalumelwe ukuzwakaliswa, uNkulunkulu wa keta abantwana ukuba bakwenze. Uma amazwi alezi zingane ezenamileyo ayetulisiwe, kwakuyo suka uqobo lwezinsika zetempeli zimemeza zidumisa uMsindisi. UUW 95.5