UKrestu UMsindisi Wetu.

2/32

IZIHLOHO 1—UKUZALWA KUKA JESU.

EMZINI omncane wase Nazareti owakiwe emagqumeni ase Galilee, kwaku kona ikaya lika Josefa no Mary ababuye bazeka ukuti ba abazali baka Jesu base mhlabeni. UUW 9.1

U Josefa wa engowomndeni no wendhlu ka David; ngakoke kwati lapa seku tunyelwe isimemezelo sokuti abantu abateliswe, yena wamelwa ukuba aye e Bethlehem, umuzi ka David, ukuba igama lake libhalwe kona. UUW 9.2

Loku ukuhamba kwakulukuni ngendhlela abantu ababe hamba ngayo ngalezo zikati. U Mary owa hamba nendoda yake wa ekatele kakulu ekwela amagquma i Bethlehem elimi kuwo. UUW 9.3

Wayi langazelela indawo etokomeleyo yokuba a pumule kuyo ! Kodwa izindhlu zezi hambi zasezi gcwele. Abacebileyo nabazi qenyayo babe nakekelwe kahle, kwatike zona lezi zihambi ezidelelekile za melwa uku pumula endhlini embi lapa kwaku hlala kona izinkomo. UUW 9.4

U Josefa no Mary babe nokuyingcozane kwe ngcebo yasemhlabeni kodwa babe notando luka Nkulunkulu, lonake lwabenza baceba ekwanelisweni nokutula. Babe abantwana be Nkosi yase Zulwini owa ese za kuba nika udumo olumangalisayo. UUW 9.5

Izingilosi zazi kade zibalindile bese ndhleleni, kuti lapa sekuhlwile sebe pumule bangabi bodwa. Izingilosi za zisenabo njalo. UUW 10.1

Kulowo mpemana opansikwa zalwa kona u Jesu Umsindisi, wa bekwa emkombeni. Kulowo mkombe omubi kwa lala. Indodana yOpakamileyo,—Yena ngobukona bake ezulwini wa. gcwalisa izigodhlo za kona ngokukazimula kwake. UUW 10.2

Engakafiki emhlabeni u Jesu wa eyinduna yesi xuku se zingilosi. Abakazimulayo naba pakanyisiweyo ba madodana. okubheja, badumisa ubukosi Bake ekudabukeni kwezwe. Babegubuzela ubuso babo Ehlezi esihlalweni Sake sobukosi. Baponsa imiqele yabo ezinyaweni zake, bati lapa be bona ubukulu Bake bahlabelele izindumo Zake. UUW 10.3

Noko lo muntu ocwazimulayo wa etanda isoni esihlupekayo, wa tata isimo sobunceku ukuze asihlupekele, asifele. UUW 10.4

U Jesu wa engase ahlale nga secaleni lika Yise, etweleumqele wobukosi egqoke ingubo yobukosi, kodwa ngenxa yetu Wa keta ukulahla ingcebo yase zulwini, atate ubupundhla baserahlabeni. Wa keta ukushiya isikundhla Sake sobuduna obukulu, nokushiya izingilosi eza zimtanda. Ukudunyiswa isixuku sase zulwini waketa ukukulahla a hlekwe e tukweabantu ababi. Ngotando lwake aye si tanda ngalo we mkela. impilo elukuni nokufa kwe hlazo. UUW 10.5

Konke loku u Krestu wa kwenzela ukuba asikombise ukuti u Nkulunkulu usitanda kangakanani. Wa hlala emhlabeni ukusi kombisa ukuti si nga mdumisa kanjani u Nkulunkulu. ngokulalela intando yake. Wa kwenza loku ukuze kuti uma. si landela ukwenza kwake sigcine ngo kuhlala naye ekaya lake elisezulwini. UUW 10.6

Abapristi nababusi baba Juda babe ngalungele ukumamukela u Jesu. Babazi ukuti uMsindisi uza kufika masinyane, kodwa babeti uyakuba inkosi enamandhla eyakubenza bacebe babe bakulu. Babe zidhla kangangokuba babengenakucabanga ukuti u Mesiya ungu mntwana ongenakuzisiza. UUW 11.1

Ngakoke ekuzalweni kuka Krestu u Nkulunkulu akakwambulanga kubona. Indaba etokozisayo wayitumela kubalusi ababeluse imihlambi yabo emagqumeni azungeze i Bethlehem. Kwaku abantu abalungileyo laba babeti balusile izimvu zaboebusuku bebe bekuluma ngo Msindisi owetenjisiweyo baku tandazele kakulu ukuza kwake, ngako uNkulunkulu wa esetumela izitunywa ezikazimlayo ukuba zizo bafundisa, ezazi vela esihlalweni sake sokukanya. UUW 11.2

Bheka kwafika ingilosi ye Nkosi pezu kwabo, nokukazimula kwe Nkosi kwa kanya kwa bazungeza; base besaba kakulu. Ingilosi yase itikubo, ningesabi, ngokuba bhekani ngi niletela izindaba ezinhle zo kutokoza okukulu okuyakuba kubo bonkeabantu. Ngokuba nizalelwe namhla emzini ka Davida uMusindisi ongu Krestu iNkosi. UUW 11.3

Lokuke kuyakuba isibonakaliso kini. Niya kufumana umntwana esongwe nge zindwangu, elele emkombeni. Ngasoleso sikati kwabakona kanye nengilosi isixuku sebandhla lasezulwini si dumisa u Nkulunkulu siti, Ubukosi mabube ku Nkulunkulu pezulu, nase mhlabeni ukutula notando kubantu. UUW 11.4

“Kwati lapa izingilosi sezi hambile kubo zaya ezulwini, abalusi bati bebodwa, manje ke asiye e Bethlehem, sibone lento eyenzekileyo iNkosi e sazise yona.” UUW 11.5

“Bashesha bafika bafumana u Mary no Josefa nomntwana elele emkombeni. Se be kubonile ba yandisa indaba aba be tyelwe yona ngo mntwana.” UUW 12.1

“Bonke aba yizwayo bamangala nga lezo zinto abalusi aba be batyela zona. Kodwa uMary wa zi gcina zonke, wa zi beka enhliziyweni yake.” ULuka 2 : 9—19 UUW 12.2