Izinyatelo Eziya ku Kristu

9/15

IZIHLOHO 7—U PAN LOBU LANDELI BUKA KRISTU.

“Uma umuntu eku Kristu uyisidalwa esitsha; izinto ezindala sezidhlulile; bheka zonke izinto se zenziwe zintsha.”1 IEK 50.1

Umuntu akangebe namandbla ukutsho uqobo lwendawo nesikati, mhlaumbe zonke intambo zezigameko endhleleni yokupenduka; kodwa loku akusiko ukuti kufakaza ukuti kakoliwe. U Kristu wati ku Nikodemu, “Umoya upepeta lapo utanda kona, uwuzwe umsindo wawo, kodwa awunako ukutsho lapo uvela kona nalapo uyakona; unjalo ke wonke ozelwe ngu Moya.”,2 Njengomoya ongabonakali, kanti noko imisebenzi yawo iyezwakala futi izwiwe, unjalo ke u Moya ka Nkulunkulu emsebenzini wawo pezu kwenhlizivo yomuntu. Lawomandhla avuselelayo. ange bonwe ngeso lenyama, azala ukupila okutsha empefumulweni; adala umuntu omutsha emfanekisweni ka Nkulunkulu. Uti noko umsebenzi wo Moya utule ungabonwa nje, kanti imisebenzi yawo iyabonakala. Uma inhliziyo yenziwe yantya ngu Moya ka Nkulunkulu ukupila kuya kuba ngufakazi waleloqiniso. Siti noko singenakwenza luto ukupendula izinhliziyo zetu, mhlaumbe ukuzileta ekuzwaneni no Nkulunkulu—siti noko singafanele ukutembala kiti ngokwetu noqobo, mhlaumbe emisebenzini yetu emihle, ukupila kwetu kobonakalisa, ukuti umusa ka Nkulunkulu uhlezi pakati kwetu. Isimo esipenduk ileyo siyakubonakala esimilweni emikubeni, nasemisebenzini yetu. Umahluko uyakubonakala ngokusolubala kucace loko okwakuyiko, naloko okuyiko. Isimilo sibonakaliswe, kungesiko ngemisebenzi emihle yezikati, neziposiso zezikati, kodwa ngalapo sit yekele ngakona ngamazwi nangezenzo. IEK 50.2

Kuliqinso ukuti kungabakona ukuhamba kahle, nokuzipata kahle kwangapandhle, ngapandhle kwamandhla okwenza mutsha ka Kristu. Utando lokuhlonitshwa, nokufisa ukudunyiswa ngabanye kungaveza ukusipata kahle Ukuzihlonipa kungamholela umuntu ukuba axwaye ukubonakala emubi. Inhliziyo ezitandayo ingasebenza imisebenzi emihle. Singenza ngalipi ke icebo ukuze sibone uhlangoti esingakulo? IEK 51.1

Ngubani opete inhliziyo? Ngubani ezibambelele kuye inhliziyo zetu? Sitanda kakulu ukukuluma ngobani? Ngubani esimtanda kakulu nesimsebenzela kakulu? Uma singaba ka Kristu, imicamango yetu iKuye, nemicamango yetu emnandi kakulu ivela kuye. Konke esinako nesiyiko. sikungcwalisele ukukuyisa kuye. Silangazelele ukufana Nave. Sipefumle u Moya Wake, senze intando Yake, simtokozise ezintweni zonke. IEK 51.2

Labo ababa izidalwa ezitsha ku Kristu bayakutela kitelo zika Moya ezilu—tando, intokozo, ukutula, ukubekezela, ukutamba, ukulunga, ukolo, umusa, nokuzibamba. Abasayi kubuye bazifanise, bahlale, njengokwemfiso zabo zangapambili, kodwa ngokolo lweNdodana ka Nkulunkulu, bayakulandela ezinyatelweni Zake, bafuze isimilo Sake, bazihlambulule njengokuba Naye ehlambululekile. Izinto abake bazizonda ngesinye isikati, manje sebeyazitanda; nezinto abake bazitanda ngesinye isikati, bayazizonda. Ukuzigabisa, uokuzibabaza manje sekupenduke ukuzitoba nokutamba kwenhliziyo. Obengacamangi luto, ezicamanga ukuti nguye, yedwa manje usezinzisa ukucamanga, azitobe. Isidakwa sipenduke umuntu ongapuziyo, ati nomoni ahlambululeke. Amasiko angenamkuba, nemikuba yezwe, kubekwe bucala. Ama, kolwa akayikufuna “ukuzihlobisa kwangapaudhle” kodwa “umuntn wangapakati ofihlakeleyo, osenhliziyweni kuloko okungaboliyo; vebo ukuhlobiseka ko Moya otambileyo, notulileyo.”1 IEK 51.3

Akuko bufakazi obuqinileyo ngapandhle kokuba kube kona ukupenduka kwemisebenzi. Uma ebuyisa loko akupangileyo, evuma izono zake, etanda u Nkulunkulu nabakelwane bake, nmoni angaqiniseka nkuti udhlulile ekufeni wabuyela ekupileni. IEK 52.1

Uma siza kuKristu njengabantu abaposisayo, abonavo sibe ngabadhlelane bomusa Wake otetelelayo; kumila ntando ezinhliziyweni zetu. Yonke imitwalo ilula; ngoba ijokwe esilinikwa ngu Kristu lilula. Imfanelo zetu zibalula, nokuzinikela kwetu kube intokozo. Indhlela eya isitakele ngubumnyama ngapamblli, manje isiteleke ukukanya ngenxa yemisebe evela e Langeni loku Lunga. IEK 52.2

Ukutandeka kwesimilo sika Kristu kuya kubonwa kubalandeli Bake. Kwaku intokozo Yake ukwenza intando ka Nkulunkulu. Utando ku Nkulunkulu, nesineke sokutola ukukazimula kwake, kwakuuguwona mgomo wamandhla ekupileni ko Msindisi wetu. Utando lwalwenza muhle, lupakamisa yonke imisebenzi Yake. Utando luvela ku Nkuluukulu. Inhliziyo engahlanzwanga a inakuveza, iqambe imisebenzi emihle. Ifunyanwa enhliziyweni lapo kubusa kona uJesu. “Siyamtanda ngoba waqala wasitanda.”1 Enhliziyweni eyenziwe yantsha ngumusa ovela ngaPezulu, utando ulona lu isisusa nenhloko yazo zonke izenzo. Lupendula isimilo, lubuse izisusa, lucime ulaka, lutambise ubuta, lwenze utando lube lukulu. Lolutando uma longiwe empefumlweni, lwenza, mnandi ukupila, lucite ipunga lobumnandi kuyoyonke indawo. IEK 52.3

Kukona iziposiso ezimbili abafanele ukuzihlakanipela abantwana baka Nkulunkulu—ikakulu labo abasandu kuqamba ukutembela e Mseni Wake.—Esokuqala, ekuke kwakulunywoa ngaso, yilesi sokubuka imisebenzi yabo, betembela kuloko abangakwenzayo, ukuba kungabaleta ekuzwaneni no Nkuluukulu. Lowo otanda ukuba ngcwele ngemisebenzi yake, ngokugcina umteto , ulinga into engenako ukwenzeka. Konke umuutu anako ukukwenza ngapandhle kuka Kristu kungcolile, kungcoliswe ukuzidhla na yisono. Kungumusa ka Kristu kupela, ngokolo, ongasenza sibe ngcwele. IEK 53.1

Esinye ke isiposiso naso esinengozi kakulu sona ilesi, sokuti ukukolwa ku Kristu kuyamkulula umuntu ekugcineni uinteto ka Nkulunkulu; ukuti, njengaloku ngokolo lodwa singaba ngabadhlelani emuseni ka Kristu, imisebenzi yetu a inaluto nokusindiswa kwetu. IEK 53.2

Kodwa qapelani lapa ukuti ukulalela akusiso isibonakaliso sangapandhle kupela; kodwa kungumsebenzi wotando. UMteto ka Nkulunkulu ngumfanekiso wesimilo Sake uqobo; ungukuhlangana komgomo omkulu wotando, ngokunjalo ke u isisekelo sombuso Wake ezulwini nase mhlabeni. Uma inhliziyo zetu zenziwe ntsha emfanekisweni ka Nkulunkulu, uma utando lobu Nkulunkulu, luhlwanyelekile empefumlweni, umteto ka Nkulunkulu awuyikuhambiseka ini ekupileni kwetu na? Lapo inhloko, umgomo wotando ihlwanyelekile enhliziyweni, nalapo umuntu esenziwe mutsha ngokomfanekiso Wake owaindalayo, isitembiso sesigcwalisekile, lesi ke:— “Ngiyakufaka imiteto Yami ezinhliziyweni zabo, nasemiqondweni yabo ngiyaku ibhala.”1 Nalapo ke umteto usulotyiwe enhliziyweni awuyi kulungisa ukupila na? Ukulalela—ukukonza nokuzinikela kotando—ku isibonakaliso sesiminya sokuti umuntu ngumlandeli ka Nkululuka Ngokunjalo ke isiBalo siti:—“Lolu kulutando luka Nkulunkulu, ukuba sigeine imiyalo Yake.” “Lowo oti, ngiyamazi, anga igcini imiyalo Yake, unamanga, neqiniso aliko kuye.”2 IEK 53.3

Endaweni yokukulula umuntu ekulaleleni, lukolo kupela, olusenza ukuba sibe ngabadhlelane bomusa ka Kristu, osenza ukuba sibenokulalela. IEK 54.1

Asilutoli usindiso ngenxa yokulalela kwetu; ngokuba usindiso lu isipo sesisa sika Nkulunkulu, esa mkelwa ngenxa yokolo. Kodwa ukulalela ku isiqamo sokolo. “Niyazi ukuba wabonakaliswa ukuze asuse izono zetu; Kuye akuko isono. Osuke ehlezi Kuye akoni: osuke ona akanzange ambone, akazange amazi.”3 Nanu ukulingwa kweqiniso. Uma sihlala ku Kristu, uma utando luka Nkulunkulu luhlezi kiti, imicamango yetu, ukwazi kwetu, imiqondo yetu, izenzo zetu, kuyakuzwana notando luku Nkulunkulu njengaloku kutshiwo ezimfundisweni zemiteto Yake ecwebile. “Bantwana abancane, nize ningakohliswa muntu: lowo olungisayo ulungile, njengaloku Naye elungile.”1 Ubulungisa bubonakaliswa ngesimo somteto ka Nkulunkulu ocwebileyo, njengaloku kulotyiwe emitetweni elishumi eyalotywa e Sinai. IEK 54.2

Lolo okutiwa lukolo ku Kristu oluti lungakulula abantu emfanelweni yokulalela u Nkulunkulu, akusiukolo, kodwa ukuzenzisa nje. “Ngomusa niyasindiswa ngenxa yokolo.” Kodwa “ukolo uma lungena misebenzi lufile.”2 U Jesu wati ekuluma Ngaye ngokwake, ngapambi kokub-aeze emhlabeni, “Ngiyatokoza ukwenza intando yako O Nkulunkulu wami: yebo umteto Wako upakati enhliziyweni yami.”3 Nangapambi kokuba enyukele ezulwini, futi washumayela ukuti, “Ngi yigcinile imiyalo ka Baba, ngihlezi otandweni Lwake.”4 Izibalo ziti, “Sazi ngaloku ukuti siyamazi, uma sigcina imiyelo Yake. Lowo oti uhlezi Kuye ufanele ukuhamba, njengaloku wayehamba.”5 “Ngokuba u Kristu wahlupeka ngenxa yetu, wasishiyela umboniso, ukuze nilandele amanyatelo Ake.”6 IEK 55.1

Isimiselo sokupila okupakade sinjalo manje njengaloku sabe sinjalo,—njengaloku sabe sinjalo e Paradise ngapambi kokuwa kwabazali betu bokuqala, siyiloku:— IJkulalela okupeleleyo komteto ka Nkulunkulu, ukulunga okupeleleyo. Uma ukupila okupakade kwakunikwe ngezimiselo ezingapantsi nezilula kunalezi, kwakuyakona- kala intokozo yayo yonke indalo ibesengozini. Kwakuya kuvuleka indhlela yokwenza isono, nayoyonke imizila yaso yomunyu, nenhlupeko, ukuba ingafi. IEK 55.2

Kwakulula ku Adamu, ngapambi kokuwa kwake ukuba abenesimilo esilungileyo ngokulalela umteto ku Nkulunkulu. Kodwa wehluleka ukukwenza loku, kwati ngenxa yesono sake indabuko yetu iwile, asinako ke ukuzenza ukuba silunge. Njengaloku singaboni, singacwebile, asinakulalela umteto ocwebileyo ngokupeleleyo. Asinabo obetu ubulungisa, esingahlangabezana nako konke okudingwa ngumteto ka Nkulunkulu. Kodwa uKristu usenzele indhlela yokuba sisinde. Wapila emhlabenil pakati kwezilingo, nenhlupeko ezinjengalezi esihlangana nazo. Wapila ukupila okungenasono. Wasifela, manje uzinikele ukuba atate izono zetu asinike ubulungisa Bake. Uma nizinikela kuye uimamkele o ngu Msindisi wenu, niyakuti ke noma ninezono njengokuba ninje ekupileni kwenu, ngenxa Yake nibalelwe ebulungiseni. Isimilo sika Kristu simi endaweni yezimilo zenu, namkelwa pambi kuka Nkulunkulu njengabantu abangazange bone. IEK 56.1

Ngapezu kwaloku u Kristu upendula inhliziyo; uhlala enhliziyweni ngokolo. Ufanele ukukugcina lokukuhlangana no Kristu ngokolo, nangokuzinikela sonke isikati intando yako Kuye; ngaso sonke isikati wenza loku, uyakusebenza pakati kwako, ukuba wenze njengokwe Ntando Yake elungileyo. Ukuze ubenako ukutsho ukuti. “Ukupila engikupile manje enyameni, ngipile ngokolo lweNdodana ka Nkulunkulu, eyangitandayo, yazinikela ngenxa yami”1 Ngokunjalo watsho loku u Jesu kubafundi Bake. “Akusinina enikulumayo, kodwa u Moya ka Yihlo wenu okulumayo kinina.”1 Uma e kinina u Kristu esebenza pakati kwenu, uiyakubonakalisa lowo moya nenze leyomisebenzi,—yebo imisebenzi yobulungisa,—ukulalela. IEK 56.2

Asinaluto ke tina ngokwetu esinga zidhla ngalo. Asinaluto lokuzipakamisa. Esinako kupela litemba esinalo ebulungiseni buka Kristu obubekelwe tina, nakuleyo misebenzi esetslienzwa ngu Moya Wake oyisebenza kiti, nangati. IEK 57.1

Uma sikuluma ngokolo, kukona umahluko esifanele ukuba sicamange ngawo. Lukona uhlobo lokukolwa olwehlukile impela ekukolweni. Ukuba kona kwaniandhla ka Nkulunkulu, iqiniso lezwi Lake, ngama qiniso angenakupikwa nangu Satana namabandhla ake ngokwawo ngeqiniso. iNcwadi e Cwebileyo iti, “Nabo Satana bayakolwa, futi bayatutumela”;2 kodwa loku akusilo ukolo. Lapo kukona ukukolwa, ezwini lika Nkulunkulu kungabi iko kupela; kodwa kube kona ukuvuma intando Yake; lapo inhliziyo inikezelwe kuYea, yonke intando ibekwe pezu Kwake, kukona ukolo,—ukolo olusebenza ngotando, lublambulule umpefumulo. Ngalolukolo; inhliziyo yenziwa intsha emfanekisweni ka Nkulunkulu. Ke inhliziyo yati isesesimweni sobudala yangawutobela umteto ka Nkulunkulu, ingenako ukukwenza loko futi, manje iyatokoza emfundisweni ezingcwele imemeza kanye no Mhlabeleli ukuti. “Hai ukutanda kwami umteto wako! ngumcamango wami lonke usuku.”3 Nomteto wobulungisa ugcwaliswe kiti, “abangahambi ngokwenyama, kodwa behamba ngoko, Moya.”1 IEK 57.2

Labo ke ilabo abalwazile utando luka Kristu ulutetelelayo, nabafisa ngeqiuiso ukuba ngabantwaua baka Nkulunkulu; kanti noko babona ukuti izimilo zabo azipelele, ukupila kwabo kunamacala, bahlezi bengabaza ukuti nembala inhliziyo zabo zenziwe ntsha ngu Moya oyi Ngcwele. Kulabo ke ngingati ningabuyeli emva ngokuswela itemba. Siya ba iloku ngaso sonke isikati sizitoba pantsi. sikala ezinyaweni zika Jesu ngenxa yobufutshane bemisebenzi yetu neziposiso; kodwa asifanele ukupela amandhla. Noma sehluliwe isita asilahliwe, asishiyiwe, sadelwa ngu Nkulunkulu. Cabo; u Kristu usesandhleni sokunene sika Nkulunkulu, esenzela utetelelo nokuxolelana no Nkulunkulu. Wati u Johane otandekileyo, “Lezizinto nginibalela zona ukuze ningoni. Uma ekona umuntu owonayo, sinaye u Mteteleli ku Baba u Jesu Kristu olungileye.”2 Ningawalibali amazwi ka Kristu awokuti, “U Yise ngo Kwake uyanitanda.”3 Ufis-aukunibuyisela kuye, ukuba nibone ukuhlambuluka Kwake nobungcwele Bake kukanya kini. Uma nivuma ukuzinikela kuYe, Lowo owaqala umsebenzi amuhle kini uyakuwuhambisa, awupumelelise kuze kube sosukwini luka Jesu Kristu. Kulekani ngesineke esikulu; kolwani ngokugcweleyo. Njengaloku sesipele itemba kwawetu amandhla, masetembe amandhla o Msindisi wetu, siyakumbonga ongukupila kobuso betu. IEK 58.1

Uma usondela ku Jesu uyakuya uzibona ngokuzibona ukuba ne cala kwako, ngoba imiboniso yako iyakucaea ibeselubala, ukungapeleli kwako, kuyakubonakala ngo kucaeileyo nokusolubala, kupambene nesimilo Sake esipeleleyo Loku ku ngubufakazi bokuba amapupo ka Satana alahlekelwe ngamandhla awo; ukuba amandhla anika ukupila o Moya ka Nkulunkulu ayakukupapamisa. IEK 59.1

Aluko utando oluzinzile ngo Jesu olungahlala enhliziyweni engabuboniyo ububi bayo. Umpefumulo opendulwe ngomusa ka Kristu uyakutokoziswa isimilo Sake sobu Nkulunkulu; kodwa uma singaboni ukwonakala kwezimilo zetu. ku ngubufakazi obunga ngabazekiyo ukuti asizange sibubone, ubuhle buka Kristu obudhlulisa indawo. IEK 59.2

Okukona siyeka ukuzincoma, kuyakuba ikona sibona ubukulu, ukuhlambululeka, uokutandeka ko Msindisi oku nge nasipelo: Ukubona kwetu ukonakala kwetu kusiqubela Kuye, onamandhla okutetelela; noma umpefumulo usukuqondile ukungabi namandhla kwawo, oyasuka utande ukufinyelela ku Kristu, Yena uyakuzibonakalisa esemandhleni. Okukona inswelo zetu zisiqubela Kuye nase Zwini lika Nkulunkulu, siyakuba nemicamango epakamileyo ngesimilo Sake, siyakuwubona ngokweqiniso umfanekiso Wake sifane Naye. IEK 59.3